Qotha Mbokodo!!! INkosazane UMkabayi kaJama
Osomlando abaningi banomkhuba wokungayigqamisi indima eyadlalwa abantu besifazane emlandweni eyahlukene yakithi e-Afrika. Nathi sigcina sesibabona njengabantu abantekenteke. Iqiniso ukuthi izwe lisabusa, kusadliwa ngoludala, zingakafiki izimfundisoze, sasihlonishwa isithunzi somuntu wesibhude (wesifazane). Phela yibona ababehola imindeni, imiphakathi kanye nezizwe, kodwa bengemumva okanye benganakekile. Kwashintsha konke lokhu ekuzalweni kweNkosazane yakwaZulu eyayizalwa indoda eyabe...