UVumezitha wazala amadodana amaningi, kodwa agqama kakhulu kwaba nguNgcobo kanye noMkheshana. Izibongo ezithinte oNgcobo zivela kulaba bantu ababili, abangamadodana kaVumezitha.
Abantu bakwaNgcobo bangaMalala Nguni bavela eNyakatho nezwe. Abantu bakwaNgcobo sibathola benendlunkulu, iqadi kanye nekhohlwa kuqhubeke njalo. Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, simthola akhe umuzi wakhe eduze komfula uThukela, ezansi nalo.
Igama lakhe kuthiwa nguVumezitha indodana kaMthebe . kuthiwa uVumezitha ozala uNgcobo noShangase (umkheshana) wayevela ebantwini bakatembe kamaphutha eMozambique budebuduze neminyaka yo 1500.
Yibona lababantu abasusa uDlamini wesithathu inkosi yamaswazi ngasedelagoa bay, lapho besahlala khona kuze kube manje. elinye lamadolobha abo libizwa ngokuthi kusemaputo, leligama lisuselwa kuleli elithi Maphutha, ngabelungu laba ababehluleka ukulibiza. Njengoba sesikhulumile ngamadodana amabili kaVumezitha okungu Ngcobo inkosana kanye no Mkheshana umfowabo.
Umlando uveza ukuthi uNgcobo ubekhonze kakhulu abantu besifazane besekuthi uMkheshane yena ekhonze ukuzingela izinyamazane. umkheshana yena owagcina esezala abantu bakwaShangase kodwake asiqondile ukuhlaziya abantu bakwaShangase sibheke uNgcobo phaqa.ake sibheke uNgcobo kemanje njengoba sishilo ukuthi uNgcobo ubekhonze abantu besifazane yenake waganwa ke ngamakhosikazi ahlukahlukene inkosana yakhe kwaba nguDingile).
Amadodana kaDingile aba ngamakhosana ezindlu zawo ake siqale sizwe ngenkosana yakhe uDingile ayizala endlunkulu ogama layo kwabe kunguNyuswa yena ke ufana njengenkosana jikelele yesizwe sonke sakwa Ngcobo ulanywa uZonca.bese kuthi ekhohlwa azale uGasela(fuze) noXhonxo bese kuthi eQadini azale uNgothama kanye noTshezi.
amaNyuswa
Njengoba ngichazile ngenhla Lena yindlu enkulu yakwaNgcobo. Ibuye Yaziwa ngokuthi yiNkumbemfece. Abantu bakwaNyuswa kuthiwa babakhe eduze komfula obizwa ngokuthi iMamba, ongumngenela woThukela . Indlu yakwaNyuswa isukela kuVumezitha uqobo, ozale uNgcobo kanye nomnawakhe uMkheshane. UNgcobo yena uzale uDingile noGasela endlunkulu , uDingile uzale amadodana amabili, oNyuswa kanye noZonca. UNyuswa yena uzale uYemesi, kwathi uZonca yena wazala uMaguya.
Kuthiwa uYemesi katholanga indlalifa, kwase kuthi uMaguya ozalwa umfowabo kaNyuswa uZonca wangena umkaYemesi ukuze amzalele indlalifa. Nempela wazala uMbhele, yena wazala uMapholoba wodumo lwakwaNgcobo. UMapholoba uzale amadodana amane uMiswayo (inkosana), uSihayo ( olama inkosana), noMavela (emzala ekhohlwa) kanye noMgabi. Lawa kwakungamadodana kaMapholoba,ngezindlu zawo. uSihayo kaMapholoba wazala uDubuyana umuzi kaSihayo kwakusenkumbeni, wayesebuthweni uNoqiki. Ngemva kokushona kukaMapholoba kwakufanele kubuse indodana yakhe uMiswayo.
Kodwa lokhu kakwenzekanga ngoba nayo yasheshe yashona. lokhu kwavusa umbango phakathi kukaSihayo noMgabi, babubanga ubukhosi, kuthiwa lokhu kwathi kungafika ezindlebeni zikaShaka kwamcasula kakhulu weza nenja wabaklelisa imigqa emibili abantu bakwangcobo wayeseyihambisa phakathi kwabo inja leyo. Yabanuka inja ngamunye ngamunye yathi ingafika kusihayo yatshikizisa umsila yahlala phansi. wayesethi ushaka "pho nisafunani? nayo inkosi yenu!" usihayo wathi eseyinkosi yabakwaNgcobo amanyuswa wayelokhu ethumela isipho sikagwayi kushaka. kwathi ngoba uMgabi engabutholanga ubukhosi wayesetshela ushaka amanga okuthi logwayi usihayo uthakatha ngawo uShaka. Nempela wakukholwa lokhu uShaka wayesemhlasela uSihayo wambulala.
Kwathi ngoba amaNyuswa engasenayo inkosi aya endodaneni kasihayo udubuyana owayakhe ngakuZihlandlo mkhize ukuba ababuse. yilapho baphazamiseka khona ngesikhathi sekubusa udingane eseketula uzihlandlo. basuka lapho baya emhlathuzana, kwathi sebebuswa nguMqedi kaDeliweyo uSomtsewu (Sir Theophelus Sherpstone) wabasusa wabayisa phakathi komfula iMona neziongo zase Noodsberg. UDubuyana kaSihayo wazala Deliweyo, Xhegwana noGobosi. uDubuyana wanikwa indawo enatali ngusomtsewu. uGobosi yena walwa nabakwaHlophe (umbango) ngo-1906 ngoba ethi bangamambuka ngenkathi yempi kaBhambatha yamakhanda . Wayesephucwa ubukhosi bakhe banikwa uXhegwana umfowabo.
UDeliweyo kaDubuyana wazala uMqedisi. uDeliweyo wayehlala ozwathini ngase-Verulam. Yena nendodana yakhe uMqedi babekhona empini kaBhambatha. UMqedi kaDeliweyo wabekwa nguSomtsewu phakathi komfula iMona neziqongo zaseNoodsberg khona bude buduze ne Ndwedwe. UMqedi waboshwa ngokuphatheka kwakhe empini kaBhambatha kwabekwa ubaba wakhe omdala uXhegwana ebukhosini bakwangcobo.
Manje ake sizwe ngoMgabhi lowaya owabulalisa umfowabo ngoShaka
UMgabhi wazala uNcume yena wazala uMshiywa kanye no Mkhwantshi. Mshiwa wazala uMgudwa owazala uMhlabunzima. bese kuthi Mkhwantshi yena wazal uMnhlonhlo.
Emva kokuthi uShaka abulale uSihayo, uMgabi wasuka nabantu bakhe bayokwakha ngasemfuleni uMlazi, lapho bafika bathi ukuhlala isikhashana besafuna indawo yokuhlala. Bagcina sebehlala endaweni ebizwa namhlanje ngokuthi yi-valley of a thousand hills lapho bafika babuswa khona nguNcume ngoba uMgabhi wayesekhotheme. UKholo lwafika ngesikhathi kubusa yena uNcume lufika noMark Ngcobo kanye noSalmon Mtshali ababevela ePakose (New Germany) ePinetown eBerlin Lutheran missionary.
UNcume akaluthandanga ukholo ngoba lwaluyekisa abantu amasiko abo futhi lufundisa nabantu ukuthi bathenge izindawo zamakhosi ebelungwini okwakwenza ukuthi abelungu bephuce amakhosi izindawo zawo. no Mshiwa owabusa emva kuka Ncume wayefana noyise engaluthandi ukholo. Emva kokushona kukaNcume usomtsewu wayisa uMshiywa eHarding ukuba ayobusa khona njengamanje abakwaNgcobo batholakala khona lapho ezingolweni eMzimkhulu. Labo abasalayo babuswa ngu Mkhwantshi . emva kokushona kukaMkhwantshi indawo yakhe yabuswa yizinduna ezaziphethwe yinzalo kamkhwantshi. induna yokuqala bekungu Mbhanana Dladla okwathi ngokushona kwakhe kwaba nguzinti Nzama induna. ngesikhathi sakhe uFrance Hlongwa wakha isonto kulendawo kwase kufika uPosselt Weberlin Missionary Society owayengumfundisi wokuqala omhlophe kulendawo.
Umuntu owabhebhethekisa kakhulu ukholo kulendawo nokho nguwilliam Phewa. kwathi kungashona uzinti Nzama kwase kuba ngugeorge phewa induna. kungalesisikhathi lapho lendawo yehlukaniswa kabili, eyodwa ingxenye kwathiwa yi-camperdown (mkhambathini) kwase kuthi enye kwathiwa yi-pinetown. induna ugeorge phewa wazala ucharles phewa owaba yi-roman catholic. wenza ukuba kube lula ukuthi amaroma akhe isonto kulendawo kwaphela nokuthi amaroma ayosonta emariannhill. uSebastian ndlovu nguyena owaphatha lelisonto.
Amaroma aguqula abantu abaningi kunezinye izinkolo kangangoba ngo-1957 abelinganiselwa ku-569 amaroma kwathi amaluthela wona ayefike kuqala aba ngu-204 kuphela. Emlandweni abakwaNgcobo bangabanye babantu bokuqala abalandela inkolo ngakhoke ukukholwa kwabantu bakwaNgcobo ngalendlela kwenza ukuba babongelwe ngokuthi: uNgcobo ozandla zimhlophe sengath'uzopheny'isahluko nangokuthi "banamashiy'amhl'engathi azoshumayela."
uMavela kaMapholoba yena wazala uMkhalelwa noSinqila. UMkhalelwa wazala uDikwayo owazala uSotobe
UKWEHLUKANA KWAMA-NYUSWA
AmaNyuswa kaMgabi agcine esesabalele aze afika afika ngaseMzimkhulu, sebephethwe yindodana kaNcume uMshiywa. Iyona ebusa lamaNyuswa aseZingolweni.
Kwathi enye indodana kaNqume enguMkwantshi yona yasala endaweni esibizwa ngokuthi kuseMkhambathini (Camperdown) kanye babakwaBhota (Bothas Hill). Ehlukana kanjalo-ke amaNyuswa, kodwa ebevela ndawonye. Umuzi omkhu lapho kuzalwa khona uSihayo kwathiwa kuseNkumbini. Ngalokho uSihayo wazibiza ngeNkumbemfece. Ukwehlukanisa uNyuswa kaSihayo nakaMgabhi.
AMAFUZE
Laba baziwa ngokuthi abasekhohlwa. uGasela kaNgcobo lona ke kwakungumfowabo kaDingile bobabili bezalwa uNcobo uGasela wazala uNombika noXonxo. uNombika wazala uNdaba owazala uMashiza owazala uMavela owazala uBhofungana owazala uMafongosi owazala uSiphandla owazala uMboza Uxonxo wazala abakwafuze.
UGasela washona ekhonze uXonxo kakhulu kunoNombika, lokhu kwenza ukuba uXonxo abesethanda ubukhosi bukaNombika. kwase kudaleka ingxabano eyenza ukuba uXonxo eqe uthukela ayokhonza kumadunge (abakwachiliza) emvoti ngasemgungundlovana (greytown) Kukule ndawo lapho uXhonxo azalela khona indodana yakhe uSanimuse yena wazala uMdunane, kanti yena wazala uDindi , yena wazala uSokebi,yena wazala uDlomo, yena wazala uSokebi ozale uMahawule, yena ozale amadodana amane oMavuso, Gewuka, Gintwa kanye noMadlenya.
UMadlenya uzale uHhemuhhemu, okunguyena owasuka wayokwakha eMgungundlovu (Elandskop), emva kokunyakaziswa kakhulu yiLembe. UHhemuhhemu uzale uLangalakhe. Inzalo eningi kaNombika yaziwa ngokuthi abakwaNgongoma.
UMafongosi kaBhofungane wajunywa wabulawa yibutho likazulu, abantu bakhe base beyokhonza kudube wakwaNgcobo emaqadini. uMboza kaSiphandla abelungu bambeka endwedwe ngasemfuleni umsunduze.kuthiwa kuke kwabakhona isikhathi lapho inkosi yakwangcobo yabeka usuku okwakuzosukwa ngalo endaweni abebakhe kuyo baye kwenye indawo.
Kwathi sesisondele lesosikhathi abesifazane basusa utshani okwakufulelwe ngabo benzela ukuthi bezokwazi ukuthatha izingodo zodwa, bezwa kamuva ukuthi abakagasela nabakashangase bayenqaba ukuhamba, ngempela inkosi yathi kulungile kungasahanjwa. lokhu kwenza ukuba abesifazane baqalele phansi bafulele lezozindlu abesebesuse kuzo utshani. Yilapho-ke abakwaNgcobo bathola khona izibongo ezithi "ufuz'afulele njengenyamazane" abanye bathi:"ufuz'afulele njengezulu."
Abase Mangangeni
AbaseMangangeni bavela kuDingile ozale uNotshezi, kwabanye bonkosikazi bakhe uNotshezi yena ozale uMgcagca, yena uzale uMande, yena ozale uNdela, yena ozale uNomazocwana, yena ozale uKaduphi. Lena ngingasho ukuthi yindlu yesihlanu yakwaNgcobo. Kodwa abantu baseMangangeni kabasazibizi ngokuthi bangabakwaNgcobo. Uma nje uthi kumuntu waseMangangeni ikakhulukazi osemncane 'Ngcobo' angaqwebula amehlo, ekhombisa ukwethuka.
Abase Malangeni
Laba bazalwa uZonca ufowabo kanyuswa endlini eyodwa. ezinye izingane zikamaguya kaZonca zahamba zayokwakha ehlanzeni, kwasekuthi ngoba leyondawo inelanga ishisa kakhulu kwasekuthiwa abasemalangeni. kwathi ngoba unqina kangono kaMaguya engathandanga ukubuswa nguThayi kaBhebhe kaMaguya. wayokhonza kuNdaba inkosi yakwaZulu nalapho wafike waqala isizwe sakhe sakwaHlabisa.
Kwathi ngoba abaseMalangeni bengenankosi base bethanda ukubuswa ngudube wamaqadi ongazange abamukele ngoba esaba ukuthi ushaka uzomthukuthelela, base beya kunzombane emabomvini. kwathi ngokuhlushwa kwabantu bakwangcobo, umka thondolozi wakhetha ukuzithukusela yena ngokwakhe ingane yakhe umagawozi akwaziwanga lapho babalekela khona. Ngokungatholakali kwendodana kathondolozi kwabekwa ubhacela kadubo kathayi kaBhebhe ukuba abe yinkosi.
UMagawozi waqhamuka esemdala ehlikizeke ubuso, kuthiwa wathi esemncane elele nomama wakhe emva kokubaleka kwabo, kwangena impisi ilambile yambamba ubuso, yathi noma isiyethuswa kwatholakala ukuthi isiwudlile umlomo. kwathi noma eseqhamukile uMagawozi awuzange uthikamezeke umbuso kabhacela nendodana yakhe.
Ama Qadi
UNgothoma kwakunguMfowabo kaNyuswa endlini yeQadi yena uzale uNjila, yena wazala uSilwane. AMaqadi enabe aze afika eNanda kanti kukhona futhi amanye aMaQadi aseNcwadi ngaseRichmond.
Azalana kanjaloke amaqadi khona futhi lapha emaQadini siphinde sithole abantu bakwaDabeka noDube kodwake laba odube akubona laba abangonzakele kodwa baziwa kakhulu ngoMtima bangabakwaNgcobo abaganiselani noNgcobo laba. USilwane kaNjila kaNgothoma ngcobo wazala uMahluka noDabeka. uMahlukana yena wazala uBabane.
UDabeka yena wazala uDube no Mqhawe owazala uMandlakayise noLangalibalele Mandlakayise yena wazala undodembi owazala umzonjani. UMqhawe kaDabeka wabalekela esilungwini ngesikhathi sempi kaBhambatha. UMqhawe wayebusa KwaMaphumulo, Emngeni, Othukela, ENdwedwe, eNanda naseMpendle. UDube kaDabeka wayakhe egqalabeni, wayebusa amaqadi asuka eziqabeleni aya ngasentunjambili. uDube noshaka babezwana kakhulu.
UManqondo Magwaza noNomazocwana kasomsuka ngcobo (indodana yakhe ukaduphi wayebusa exobho nase-alexandra) babengamthandi udube, kwathi ngesikhathi sekubusa udingane badala ubutha phakathi kukadingane noDube okwenza ukuthi udingane aqothule amaqadi kaDube ngoMbasa 1838. umkhulu kalangalibalele john dube wabulawa ngaso lesisikhathi. lokhu kwaba lula kudingane ngoba wayevele ebazonda bonke abantu ababezwana noshaka. kulapho umahlukana kasilwane abaleka namanye amaqadi bayothi gozololo phakathi kwemifula umngeni nomdloti.
UMahlukana wayehamba nomqhawe, umfowabo kadube, owayesemncane ngalesosikhathi, ngakho-ke wafika wambambela ubukhosi waze waba mdala uMqhawe. Ngokugqabuka kwegoda (ngesikhathi umpande eguqukela umfowabo udingane) amaqadi abuswa nguMqhawe enanda. izwe likanomazocwana kasomsuka laphiwa uMpeyana kaManqondo Magwaza emva kwempi kaQethuka noMpeyana.umqhawe kadabeka ngcobo wazala uMandlakayise owazala undodembi owazala umzonjani.
Umqhawe kadabeka wabalekela esilungwini ebalekiswa ngubaba wakhe omncane uMahlukana ngesikhathi iNgonyama uDingane ehlasela amaqadi kaDube. Kwathi ngesikhathi umqhawe eseyinkosi wabeka umahlukana ngasebotha's hill ukuba abuse khona, ngempela waba yinkosi waze wakhothamela khona lapho. kwathi ngemva kokukhothama kwakhe indodana kamahlukana ubabane yaba yikholwa yayisithumela kumandlakayise kamqhawe owayebusa ngalesosikhathi ukuthi useyabuyeka ubukhosi. ngakho-ke bonke abantu ababebuswa nguye base bebuswa ngumandlakayise.
Izihlobo zakwaNgcobo
Dube (Mtima), Dabeka, Ngongoma, Shangase kanye nabanye!!
Izibongo ezidabuka kwaNgcobo
Hlabisa, Ngidi (Hlomuka), Woyisane (Nzama/Zama), Vilakazi, Nzimande, Jili nezinye esingakabi naso isiqiniseko sazo.
Izithakazelo zakwaNgcobo
Mapholoba
Nyuswa
Fuze, Mavela,
Mafuz'afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal'efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel'ilanga,
Sididane
Ngongoma
MaQadi amakhulu
Mbili
Video Content
Video Production
For any of your functions, ceremonies, special occasions and events coverage; nayo yonke eminye imicimbi yenu eniba nayo ngokwahluka-hlukana kwayo, kindly contact us uma nifuna sibe khona kanye nani as the Ngcobo Empire crew.
We shall bring our state of the art video cameras & recording equipment to capture everything that will be happening during that day, and then publish it here on our dynamic website - for the rest of the world to see; including nalabo bantu noma abangani nezihlobo ezizobe zingakwazanga ukufika em'cimbini wenu ngenxa yezizathu ezahlukeneyo.....
To hire our video production team, send an Email to events@ngcoboempire.co.za for a quotation!
Comments(80)
Mandla Ngcobo says
September 21, 2023 at 2:12 PMsibonge ngomlando kodwa ngikhathazwa ukuthi akushiwo lutho ngezindlu zasekhohlo kukhulunywa ngezabelwa ubukhosi ekubeni uNgcobo waba namakhosikazi ayisishagalolunye 9 abangakhona basitholele zonke izindlu zikaNgcobo noma ngithi uVumezitha akazalanga amadodana amabili kuthiwani ngabanye
Nontobeko says
August 8, 2023 at 5:59 PMNgifisa ukwazi kwangcono ngokuqhubeka kukamndeni kaMshiywa.
Abongile Dangalazana says
June 25, 2023 at 8:21 PMAbongile Dangalazana, isithakazelo Ngcobo from Eastern Cape, Lusikisiki
Mthandeni Ngcobo says
December 17, 2022 at 6:44 AMNgicela ukubuza ukuthi baqhamuka kanjani base Mangatini?
Ngcobo Musa says
April 7, 2023 at 11:43 PMNgingajabula Uma uthola sithi share Ngcobo. AbaseMangatini bavela Ku Mngati. Kwehle kuyofika kuMphiphi kaNomaJuba. Mina ngiyindlu kaMkhovane
Aaron Mbili says
December 17, 2021 at 10:28 AMngiyabonga ngomlando
Phumzile says
August 25, 2021 at 5:06 PMNgyabonga ngomlando ngezwa nokuthi yini kuthiwa mashiya amahle angathi azoshumayela ….kungayiphutha ukuthi okhokho bokhokho bethu bayikhomba indlela yevangeli bese singakholwa umlando wethu ukubeka ngokusobala ukuthi abadala bakithi balimukela ivangeli pho thina singahlulwa yin
Phakamile Ngcobo says
June 3, 2021 at 5:11 PMWhat does Ngcobo mean?
Phakamile Ngcobo says
June 3, 2021 at 12:58 PMNgiyabonga kakhulu ave unifundisile ngomlando wami ekade ngiwufuna.
Lndinkosi Maxwell Ngcobo says
May 25, 2021 at 1:32 PMNgibonge kakhulu kuma Qadi ngolwazi abasipha lona ngemvelaphi yethu thina sizwe sakwaNgcobo isandla sidlula ikhanda sizwe sika Baba.
Zamani Eugene Ngcobo says
October 27, 2020 at 6:25 PMNgibonge Ma Fuze ngokungi cobelela ngolwazi ebengingalwazi ..
Sengiyazazi ukuthi ngiphuma kuphi futhi ngiwubani ..
#Ngihlala e Hammarsdale phakathi kwe Camperdown ne Pinetown duze nase Malangeni . Okungijabulisa kakhulu ukwazi kanye nokuqondi ukuthi ngiphila emhlabeni wokhomkhulu.
Thandokwakhe Ngcobo says
October 13, 2020 at 10:13 PMNgiyabonga ukuzwa umlando wakwaNgcobo, simkhohlwa kanjani owazala uVumezitha, okuyena ukhokho wethu. UThondo
Noosing Raymond Ngcobo says
October 12, 2020 at 9:24 PMSiyabonga boVumezitha Ngcobo. Ngifunde lukhulu namhlanje. Ngiyacella ukuthi Swazi kabanzi ngoBhelesi, Dlangwe Nombuya. Ikakhulukazi oNgcobo baseNyamvini. Kodwa ngijabule kakhulu. ILanga Lange 1957 lake layihlokoloza elokuthi safika kanjani eNyavini. Ongasiza ngingajabula kakhulu. Okokufundisa izingane zakwaNgcobo ngiyahambisana nakho.
Nhlaka Ngcobo says
August 25, 2020 at 3:17 PMAsibonge mafuze amahle mabhala ngozipho 👍😂😅💃🙏🙏👍
Kgotso Tso Ngcobo says
August 10, 2020 at 9:03 PMMina mfana se’Gauteng sengizazi ka better nou
Singiyabona futhi kungani ngithanda abafazi🙈
Ngiyabonga
Sphesihle Ngcobo says
July 28, 2020 at 6:24 AMNgiyajabula ukwazi umlando wakithi, ngibona kunesidingo sokuwubhala ulando wetho & lokhu kuyolekelela isizukulwane.
pholani ngcobo says
July 16, 2020 at 9:04 AMsibonga kakhulu ngcobo omkhulu usuwukhathulile umsebenzi bengifisa sixhumane singamaNgcobo sakhe i-Empire ngyawuthanda lomoya.
Mondli ngcobo says
January 31, 2021 at 8:37 AMSyabonga bofuze ngo Mlando nam sengo fundisa abatwana Nami
Nduduzo Ngcobo says
July 13, 2020 at 12:59 AMNgcobo fuze fulelela mashiyamahle ngathi azoshumayela ( mavumevitha )
Msizi says
June 23, 2020 at 6:38 PMWamnandi umlando syabonga manje oNgcobo Bhelesi bona baqhamuka kanjan
Sithabile Nombika says
June 22, 2020 at 7:17 AMSibonga kaKhulu ngomulando sazi ukuthi indlu kaNombika iphumaphi. sengicela incazelo ukuthi yini ndaba iningi labakwaNombika bazibiza ngo Ngongoma. into engiphatha kabi iningi loNgongoba ungathi alazi ukuthi bangabakwaNombika
Mlungisi Ngcobo says
June 19, 2020 at 5:06 AMNgicela ukubuza ukuthi omuphi loNgcobo okuthiwa wabaleka uShaka esuka eMvoti waya eMakkhuzeni nabantu bakwaChiliza ukuze kube khona oNgcobo, Bhelesi, Dlangwe?
Sya ngidi says
May 30, 2020 at 10:44 AMSiyabonga kakhulu ngomlando wesizwe sakithi.sacela kubuza ukuthi uNgidi uqhamuka kanjani kuNgcobo n bagcina ngokuphelela kuphi ngokomlando wabo.and amadodana ka Ngidi ngobani amagama wabo ngokuzalana kwabo.
Ngyabonga.
Sthembiso Nyuswa says
March 26, 2020 at 10:52 PMSiyabonga kwabasihlanganisele lomlando umuhle kangaka.
Mapholoba.
KG says
February 24, 2020 at 9:47 PMManje kufika nini Ku mndawonye no Bikwayo? Muhle umlando ngicela uqhubeke Uma usengaqhubeka sibonge boMashiy’ amahle
Ayaphambili says
February 17, 2020 at 8:09 PMSiyabonga kulo obhala lomlando,ngoba singomafuze siyakwazi ukuzaz kangcon.Sithole nomland wethu ukuth sisukaph
Siyabonga Ngcobo says
December 21, 2019 at 5:05 PMKibo boNgcobo!!
Zoze zivumezitha
Bonginkosi Ngcobo says
November 21, 2019 at 2:33 PMGuys esibongweni sakwaNgcobo ungena kuphi uNkawu?
Nduduzo Ngcobo says
October 31, 2019 at 11:56 PMKoda kunezingane esingazi ukuth zaphelelaphi..if uvumezitha wayenezinsizwa eziningi yindaba kukhulunywe ngo ngcobo nomkheshana kuphela koda bona izingane zabo ziyabalwa zonke ngokuzalwana kwazo nesizukulwane sakhona…ngokwami zibalulekile kakhulu ukuth sizazi ngoba zuwumsuka wesizukulwane sakangcobo
Khaya nombika says
April 23, 2023 at 1:20 PMSengifisa nokwazi ukuthi Bafika kanjani Nombika endaweni yasoGwini
Mmeli Ngcobo says
August 30, 2019 at 11:25 PMWow finally I got to know where I come from…. Ngcobo Empire thank you.
Bhekumuzi Ngcobo says
July 18, 2019 at 9:30 AMNgithi angibonge ngingaphezi ukwaz ngemvelaphi yakithi koMapholoba,,Ukuthi uVumezitha nguyena oyinzala bantu yesizwe sakwaNgcobo ovela esizweni sakwaTembe lena eMaphutha/Maputo eMozambique,,Siyabonga kuwe Khokho wethu Vumezitha ngokusizalela uNgcobo noMkheshane esiyinzalo yakho ngenxa yabo,,mawume njalo umlando wakithi koMapholoba oyigugu elingaka
velile ngcobo says
June 20, 2019 at 11:28 AMsiyabonga mapholoba
Senamil'IsizweSamanyuswa Ngcobo says
May 31, 2019 at 10:25 PMSyabonga Ngomlando Wase Khaya❤
AYANDA says
May 17, 2019 at 6:09 AMNGIYABONGA KAKHULU NGALO MLANDO.MINA NGISE NANDA EMATIKWE BANTWANA BAKITHI.
siphomashiyamahle ngcobo says
May 15, 2019 at 1:59 AMNgibonga angiphele lomlando ubalulekile kakhulu,kuyanjabulisa ukwazi ukuthi sabasebukhosini ngukwegazi
Hamilton Ngidi says
May 6, 2019 at 1:44 PMSiyazibongela
Buyi Ngcobo says
April 26, 2019 at 8:03 AMSiyabonga kakhulu ngokusazisa ngemvelaphi yethu thina boMapholoba.
Dlala says
April 25, 2019 at 10:04 AMSizwa kuthiwa isibongo sisuselwa egameni lomnumzane Bese abeza ngemuva bezithakazela ngawo amagama okhokho babo.pho uDube wakwaNgcobo azithakazela ngaye uJL Unaphutha lini ngoba lo omunye uDube asazi uyNtaba ,uMfula noma isigameko esethize uma yena engasuselwa emagameni abanumzane njengazozonk izibongo .ake bachaze abakwaDube
Sandile Mawesheweshe says
March 13, 2019 at 10:12 AMKuyadingeka lomlando ubesemqulwini ukuze nesizukulwane siwuthole
Samkelisiwe Ngcobo says
March 9, 2019 at 7:44 PMSyabonga ngomlando wakwa Ngcobo
Bonginkosi Bheki NGCOBO says
December 11, 2018 at 10:33 AMSisabonga namanje ngomlando wongcobo thina sikwaHlabisa ngokuzalwa asibazi kahleubukhosi bakithi
Abongile says
November 27, 2018 at 12:05 AMNgcube not Ncube ngu Mapholoba lowo, yiza ngapha ngase Mt Frere kwa Bhaca amanye AmaNgcobo uzakuwafumana apho kwilali yase Gobosi, aza evela ngase Zimbabwe ayebaleke ngexesha uShaka ebulala uNkosi qha ke apha e Eastern Cape ifani/surname azifani nezithakazelo zethu uza kufumana Oo Dangalazana,Mkhovana,Ngcube but bonke abo ngo Ngcobo. Siyabulela MaNgcobo amahle Pholoba Mashiya amahle ngalomlandu umnandi kangaka
Abongile Dangalazana says
June 25, 2023 at 8:17 PMAbanye ooNgcobo
From Lusikisiki Buhlanyanga
Melusi Ngcobo says
November 11, 2018 at 7:50 PMOmunye uNgcobo usenyavini ngasehlokozi bazibiza (ubhelezi). Besekuba khona abanye ongcobo abazibiza (uNyongwana) besekuba khona abakwaMbili
Seth Johannes Ngcobo says
November 6, 2018 at 9:34 AMThank u so much ukusazisa ngemvelaphi yethu singamaFuze kuyangithokozisa kakhulu.
Skhumbuzo Gwacela says
June 19, 2021 at 12:27 PMIzandla zidlula ikhanda ukuzwa umlando wasekhayo koMapholoba bakithi umlando omuhle noMkhulu kangaka siyabonga kuMkhulu woMkhulu, uMkhulu uVumezitha kubonga kubonga umzukulu wakho uSkhumbuzo Mbili, ngibonga nje ukuthola isbongo eskhulu sasekhaya
Nokwanda Ngcobo says
October 26, 2018 at 6:07 PMFuze!!!!!! Siyabonga!
Mazwendoda says
October 22, 2018 at 6:45 AMAsibonge bafo anisize la zingane zakwethu lithini ihubo lakithi kaNgcobo
George says
October 10, 2018 at 1:53 PMKumele kwakhiwe isikhwama sethu sifundise abaswele sibe nama company ethu
Sphamandla says
September 5, 2018 at 9:01 PMNgokuba owakwa Ngcobo nje kukodwa lokho kusho isibusiso. Siyabonga MaNgcobo amakhulu.
Nontuthuko Ngcobo says
August 28, 2018 at 6:34 AMSizalwa ebukhosini??
Aaron Mbili says
August 25, 2018 at 2:04 AMngicela ongase angichazele ngoMbili noNgcobo
Bheki says
November 11, 2021 at 10:29 AMuMbili akaveli kuzalo nakumadodana akwaNgcobo. Kungabe kudalwa yini?? Ombili oShota kaMhlanga, oVeshe, Gqimlashe, nomaKhwela kandaba, noTshongela, Ngoyi, Gwacela……………….MBILI no NGCOBO abazalani. Ukuphilisana okwadala kahle okwadaka Kube khona ubuhlobo, AI ukuthi kuyazalwana…..
Phumeza ngcobo says
August 14, 2018 at 1:48 PMSingayijabulela kakhulu I group yamapholoba amahle kufacebook
Philani says
August 23, 2018 at 9:25 AMSeconded Sisi
Nkanyiso Ngcobo says
July 28, 2018 at 7:35 AMSibonge ngenqopha mlando yomlando wethu oNgcobo
Ubuchopho bodwa nje kwamnandi ukuzwa imvelaphi yethu
Amen sisakholwake njalo
Thabo says
May 28, 2018 at 7:13 PMMina nginguFuzane waseZimbabwe ngicabanga ukuthi imvelaphi yami ifana lendlu yakwaNgcobo ngesikhathi yendaba yokubulawa kweNkosi yethu nguShaka ngicabanga abanye bahlangana lebutho likaMzilikazi…sawela eZimbabwe ngicela usizo kwabakwaFuzane
Abongile says
November 26, 2018 at 11:54 PMMfowethu ungowasekhaya wena ungu Mapholoba uTatomkhulu weza e eastern cape waye balisa ngoba otatomkhulu babo babe balekele e Zimbabwe but mna ngoku ifani yam ngu Dangalazana but ndingu Ngcobo
Andiswa Ngcobo says
May 25, 2018 at 8:25 PMKwakuhle ukwazi konke lokho. Ngaze ngaziqhenya ukuba wakwaNgcobo.
Sphiwe Fuze says
May 10, 2018 at 2:34 PMmaFuze afulele…????✊?
mthembeni ngcobo says
May 9, 2018 at 12:35 PMsihlobo yini no hadebe
Lindokuhle Joy Ngcobo says
August 25, 2022 at 5:39 AMThank you very much for sharing the history of my lovely Clan yakwa Ngcobo please continue helping other’s
MUSA says
April 18, 2018 at 9:48 PMAyi minangcela ukwazi ukuthi pho buyovuka nini ubukhosi bukaMkhwantshi.na
Mbuso says
December 19, 2017 at 6:10 PMKengibuze njalo ukuba kungabe kune link phakathi kukaNgcobo no Ncube.
Siyabonga Sbusiso saMaFuze says
November 11, 2017 at 8:37 PMSiyabonga siyanconcoza maFuze amahle Ngicela owaziyo angichazele ukuthi kwakwenzekani ngomunwe olala endunu
Pamella Nobuhle Ngcobo says
September 18, 2017 at 12:54 PMOFuze madoda ☺☺
Xolani Joy Ngcobo says
September 14, 2017 at 8:33 AMAyikho into eyisibusiso njengokuba owakaNgcobo
Fuzekafuzengcobo says
September 13, 2017 at 11:17 PMNgaze ngajabula ngomlando wethu ,ngohlala ngiwufunda njalo kuze ngiwazi kahle – kofanele ngelinyi langa kube nosuku lwethu sonke ,kuhlanganwe .
Ngiyabonga Mafuze !!!
Mthokozisi Vum Vum says
September 22, 2017 at 7:54 PMngyalithanda lelo nami Nyuswa
Lethu says
September 13, 2017 at 4:47 PMngibonga ngiya nconcoza…!!
Bongie Ngcobo says
September 5, 2017 at 5:19 AMIsandla sedlulikhanda Ngcobomkhulu syabonga ngokusazisa ngemvelaphi yethu
Nhlaka says
August 26, 2017 at 5:25 PMSiyabonga Qadi elihle ngokusivezela umlando omuhle kanje ngathi Manyuswa
Zakhelinqanawe ngcobo says
August 25, 2017 at 7:00 PMAkwekubenokuhlangana negroup ekhona:isizwe samafuze.
OkaMashiyamahle Tdk says
August 26, 2017 at 3:26 PMWhere is that group?
Nduduzo says
November 15, 2017 at 8:19 AMSis wami kune group yaku Facebook ebizwa nge Ngcobo Clan. Sike sibe nama get together amane minyaka yonke. Cela sixhumane efonini, yokuvala unyaka nje izobe ise Mnambithi.
Sfiso ngcobo says
June 16, 2019 at 5:52 AMYithi abantu
Phindile says
September 24, 2019 at 7:50 AMAkujiki yithi abantu oFuze
Sibusiso Ngcobo says
June 23, 2019 at 7:55 AMMuhl’impela umlando wakithi koMapholoba…nginesfiso nje sokuthi kuqhubeke njalo ukulandisa igazi lethu ngemvelaphi yethu, ukukhuluma nje iqiniso ngiphalaze inyongo bengingazazi izimpande zakithi, Ngibonga kakhulu kubantu bakithi abanothando lokuveza indabuko nobunjalo bezibongo zethu nami ngithi awuqhubeke umsebenzi omuhle,ukwanda kwaliwa ngumthakathi!
Slindokuhle Fuzeh says
July 2, 2019 at 10:43 PMisandl sedlul ikhand🙋🙋🙋🙋 Ngcobo kavumizitha