80

Umlando wakwa Ngcobo

UVumezitha wazala amadodana amaningi, kodwa agqama kakhulu kwaba nguNgcobo kanye noMkheshana. Izibongo ezithinte oNgcobo zivela kulaba bantu ababili, abangamadodana kaVumezitha.

Abantu bakwaNgcobo bangaMalala Nguni bavela eNyakatho nezwe. Abantu bakwaNgcobo sibathola benendlunkulu, iqadi kanye nekhohlwa kuqhubeke njalo. Kuthiwa umuntu wokuqala owaba yinzalabantu, simthola akhe umuzi wakhe eduze komfula uThukela, ezansi nalo.

Igama lakhe kuthiwa nguVumezitha indodana kaMthebe . kuthiwa uVumezitha ozala uNgcobo noShangase (umkheshana) wayevela ebantwini bakatembe kamaphutha eMozambique budebuduze neminyaka yo 1500.

Yibona lababantu abasusa uDlamini wesithathu inkosi yamaswazi ngasedelagoa bay, lapho besahlala khona kuze kube manje. elinye lamadolobha abo libizwa ngokuthi kusemaputo, leligama lisuselwa kuleli elithi Maphutha, ngabelungu laba ababehluleka ukulibiza. Njengoba sesikhulumile ngamadodana amabili kaVumezitha okungu Ngcobo inkosana kanye no Mkheshana umfowabo.

Umlando uveza ukuthi uNgcobo ubekhonze kakhulu abantu besifazane besekuthi uMkheshane yena ekhonze ukuzingela izinyamazane. umkheshana yena owagcina esezala abantu bakwaShangase kodwake asiqondile ukuhlaziya abantu bakwaShangase sibheke uNgcobo phaqa.ake sibheke uNgcobo kemanje njengoba sishilo ukuthi uNgcobo ubekhonze abantu besifazane yenake waganwa ke ngamakhosikazi ahlukahlukene inkosana yakhe kwaba nguDingile).

Amadodana kaDingile aba ngamakhosana ezindlu zawo ake siqale sizwe ngenkosana yakhe uDingile ayizala endlunkulu ogama layo kwabe kunguNyuswa yena ke ufana njengenkosana jikelele yesizwe sonke sakwa Ngcobo ulanywa uZonca.bese kuthi ekhohlwa azale uGasela(fuze) noXhonxo bese kuthi eQadini azale uNgothama kanye noTshezi.

amaNyuswa

Njengoba ngichazile ngenhla Lena yindlu enkulu yakwaNgcobo. Ibuye Yaziwa ngokuthi yiNkumbemfece. Abantu bakwaNyuswa kuthiwa babakhe eduze komfula obizwa ngokuthi iMamba, ongumngenela woThukela . Indlu yakwaNyuswa isukela kuVumezitha uqobo, ozale uNgcobo kanye nomnawakhe uMkheshane. UNgcobo yena uzale uDingile noGasela endlunkulu , uDingile uzale amadodana amabili, oNyuswa kanye noZonca. UNyuswa yena uzale uYemesi, kwathi uZonca yena wazala uMaguya.

Kuthiwa uYemesi katholanga indlalifa, kwase kuthi uMaguya ozalwa umfowabo kaNyuswa uZonca wangena umkaYemesi ukuze amzalele indlalifa. Nempela wazala uMbhele, yena wazala uMapholoba wodumo lwakwaNgcobo. UMapholoba uzale amadodana amane uMiswayo (inkosana), uSihayo ( olama inkosana), noMavela (emzala ekhohlwa) kanye noMgabi. Lawa kwakungamadodana kaMapholoba,ngezindlu zawo. uSihayo kaMapholoba wazala uDubuyana umuzi kaSihayo kwakusenkumbeni, wayesebuthweni uNoqiki. Ngemva kokushona kukaMapholoba kwakufanele kubuse indodana yakhe uMiswayo.

Kodwa lokhu kakwenzekanga ngoba nayo yasheshe yashona. lokhu kwavusa umbango phakathi kukaSihayo noMgabi, babubanga ubukhosi, kuthiwa lokhu kwathi kungafika ezindlebeni zikaShaka kwamcasula kakhulu weza nenja wabaklelisa imigqa emibili abantu bakwangcobo wayeseyihambisa phakathi kwabo inja leyo. Yabanuka inja ngamunye ngamunye yathi ingafika kusihayo yatshikizisa umsila yahlala phansi. wayesethi ushaka "pho nisafunani? nayo inkosi yenu!" usihayo wathi eseyinkosi yabakwaNgcobo amanyuswa wayelokhu ethumela isipho sikagwayi kushaka. kwathi ngoba uMgabi engabutholanga ubukhosi wayesetshela ushaka amanga okuthi logwayi usihayo uthakatha ngawo uShaka. Nempela wakukholwa lokhu uShaka wayesemhlasela uSihayo wambulala.

Kwathi ngoba amaNyuswa engasenayo inkosi aya endodaneni kasihayo udubuyana owayakhe ngakuZihlandlo mkhize ukuba ababuse. yilapho baphazamiseka khona ngesikhathi sekubusa udingane eseketula uzihlandlo. basuka lapho baya emhlathuzana, kwathi sebebuswa nguMqedi kaDeliweyo uSomtsewu (Sir Theophelus Sherpstone) wabasusa wabayisa phakathi komfula iMona neziongo zase Noodsberg. UDubuyana kaSihayo wazala Deliweyo, Xhegwana noGobosi. uDubuyana wanikwa indawo enatali ngusomtsewu. uGobosi yena walwa nabakwaHlophe (umbango) ngo-1906 ngoba ethi bangamambuka ngenkathi yempi kaBhambatha yamakhanda . Wayesephucwa ubukhosi bakhe banikwa uXhegwana umfowabo.

UDeliweyo kaDubuyana wazala uMqedisi. uDeliweyo wayehlala ozwathini ngase-Verulam. Yena nendodana yakhe uMqedi babekhona empini kaBhambatha. UMqedi kaDeliweyo wabekwa nguSomtsewu phakathi komfula iMona neziqongo zaseNoodsberg khona bude buduze ne Ndwedwe. UMqedi waboshwa ngokuphatheka kwakhe empini kaBhambatha kwabekwa ubaba wakhe omdala uXhegwana ebukhosini bakwangcobo.

Manje ake sizwe ngoMgabhi lowaya owabulalisa umfowabo ngoShaka

UMgabhi wazala uNcume yena wazala uMshiywa kanye no Mkhwantshi. Mshiwa wazala uMgudwa owazala uMhlabunzima. bese kuthi Mkhwantshi yena wazal uMnhlonhlo.

Emva kokuthi uShaka abulale uSihayo, uMgabi wasuka nabantu bakhe bayokwakha ngasemfuleni uMlazi, lapho bafika bathi ukuhlala isikhashana besafuna indawo yokuhlala. Bagcina sebehlala endaweni ebizwa namhlanje ngokuthi yi-valley of a thousand hills lapho bafika babuswa khona nguNcume ngoba uMgabhi wayesekhotheme. UKholo lwafika ngesikhathi kubusa yena uNcume lufika noMark Ngcobo kanye noSalmon Mtshali ababevela ePakose (New Germany) ePinetown eBerlin Lutheran missionary.

UNcume akaluthandanga ukholo ngoba lwaluyekisa abantu amasiko abo futhi lufundisa nabantu ukuthi bathenge izindawo zamakhosi ebelungwini okwakwenza ukuthi abelungu bephuce amakhosi izindawo zawo. no Mshiwa owabusa emva kuka Ncume wayefana noyise engaluthandi ukholo. Emva kokushona kukaNcume usomtsewu wayisa uMshiywa eHarding ukuba ayobusa khona njengamanje abakwaNgcobo batholakala khona lapho ezingolweni eMzimkhulu. Labo abasalayo babuswa ngu Mkhwantshi . emva kokushona kukaMkhwantshi indawo yakhe yabuswa yizinduna ezaziphethwe yinzalo kamkhwantshi. induna yokuqala bekungu Mbhanana Dladla okwathi ngokushona kwakhe kwaba nguzinti Nzama induna. ngesikhathi sakhe uFrance Hlongwa wakha isonto kulendawo kwase kufika uPosselt Weberlin Missionary Society owayengumfundisi wokuqala omhlophe kulendawo.

Umuntu owabhebhethekisa kakhulu ukholo kulendawo nokho nguwilliam Phewa. kwathi kungashona uzinti Nzama kwase kuba ngugeorge phewa induna. kungalesisikhathi lapho lendawo yehlukaniswa kabili, eyodwa ingxenye kwathiwa yi-camperdown (mkhambathini) kwase kuthi enye kwathiwa yi-pinetown. induna ugeorge phewa wazala ucharles phewa owaba yi-roman catholic. wenza ukuba kube lula ukuthi amaroma akhe isonto kulendawo kwaphela nokuthi amaroma ayosonta emariannhill. uSebastian ndlovu nguyena owaphatha lelisonto.

Amaroma aguqula abantu abaningi kunezinye izinkolo kangangoba ngo-1957 abelinganiselwa ku-569 amaroma kwathi amaluthela wona ayefike kuqala aba ngu-204 kuphela. Emlandweni abakwaNgcobo bangabanye babantu bokuqala abalandela inkolo ngakhoke ukukholwa kwabantu bakwaNgcobo ngalendlela kwenza ukuba babongelwe ngokuthi: uNgcobo ozandla zimhlophe sengath'uzopheny'isahluko nangokuthi "banamashiy'amhl'engathi azoshumayela."

uMavela kaMapholoba yena wazala uMkhalelwa noSinqila. UMkhalelwa wazala uDikwayo owazala uSotobe

UKWEHLUKANA KWAMA-NYUSWA

AmaNyuswa kaMgabi agcine esesabalele aze afika afika ngaseMzimkhulu, sebephethwe yindodana kaNcume uMshiywa. Iyona ebusa lamaNyuswa aseZingolweni.

Kwathi enye indodana kaNqume enguMkwantshi yona yasala endaweni esibizwa ngokuthi kuseMkhambathini (Camperdown) kanye babakwaBhota (Bothas Hill). Ehlukana kanjalo-ke amaNyuswa, kodwa ebevela ndawonye. Umuzi omkhu lapho kuzalwa khona uSihayo kwathiwa kuseNkumbini. Ngalokho uSihayo wazibiza ngeNkumbemfece. Ukwehlukanisa uNyuswa kaSihayo nakaMgabhi.

AMAFUZE

Laba baziwa ngokuthi abasekhohlwa. uGasela kaNgcobo lona ke kwakungumfowabo kaDingile bobabili bezalwa uNcobo uGasela wazala uNombika noXonxo. uNombika wazala uNdaba owazala uMashiza owazala uMavela owazala uBhofungana owazala uMafongosi owazala uSiphandla owazala uMboza Uxonxo wazala abakwafuze.

UGasela washona ekhonze uXonxo kakhulu kunoNombika, lokhu kwenza ukuba uXonxo abesethanda ubukhosi bukaNombika. kwase kudaleka ingxabano eyenza ukuba uXonxo eqe uthukela ayokhonza kumadunge (abakwachiliza) emvoti ngasemgungundlovana (greytown) Kukule ndawo lapho uXhonxo azalela khona indodana yakhe uSanimuse yena wazala uMdunane, kanti yena wazala uDindi , yena wazala uSokebi,yena wazala uDlomo, yena wazala uSokebi ozale uMahawule, yena ozale amadodana amane oMavuso, Gewuka, Gintwa kanye noMadlenya.

UMadlenya uzale uHhemuhhemu, okunguyena owasuka wayokwakha eMgungundlovu (Elandskop), emva kokunyakaziswa kakhulu yiLembe. UHhemuhhemu uzale uLangalakhe. Inzalo eningi kaNombika yaziwa ngokuthi abakwaNgongoma.

UMafongosi kaBhofungane wajunywa wabulawa yibutho likazulu, abantu bakhe base beyokhonza kudube wakwaNgcobo emaqadini. uMboza kaSiphandla abelungu bambeka endwedwe ngasemfuleni umsunduze.kuthiwa kuke kwabakhona isikhathi lapho inkosi yakwangcobo yabeka usuku okwakuzosukwa ngalo endaweni abebakhe kuyo baye kwenye indawo.

Kwathi sesisondele lesosikhathi abesifazane basusa utshani okwakufulelwe ngabo benzela ukuthi bezokwazi ukuthatha izingodo zodwa, bezwa kamuva ukuthi abakagasela nabakashangase bayenqaba ukuhamba, ngempela inkosi yathi kulungile kungasahanjwa. lokhu kwenza ukuba abesifazane baqalele phansi bafulele lezozindlu abesebesuse kuzo utshani. Yilapho-ke abakwaNgcobo bathola khona izibongo ezithi "ufuz'afulele njengenyamazane" abanye bathi:"ufuz'afulele njengezulu."

Abase Mangangeni 

AbaseMangangeni bavela kuDingile ozale uNotshezi, kwabanye bonkosikazi bakhe uNotshezi yena ozale uMgcagca, yena uzale uMande, yena ozale uNdela, yena ozale uNomazocwana, yena ozale uKaduphi. Lena ngingasho ukuthi yindlu yesihlanu yakwaNgcobo. Kodwa abantu baseMangangeni kabasazibizi ngokuthi bangabakwaNgcobo. Uma nje uthi kumuntu waseMangangeni ikakhulukazi osemncane 'Ngcobo' angaqwebula amehlo, ekhombisa ukwethuka.

Abase Malangeni

Laba bazalwa uZonca ufowabo kanyuswa endlini eyodwa. ezinye izingane zikamaguya kaZonca zahamba zayokwakha ehlanzeni, kwasekuthi ngoba leyondawo inelanga ishisa kakhulu kwasekuthiwa abasemalangeni. kwathi ngoba unqina kangono kaMaguya engathandanga ukubuswa nguThayi kaBhebhe kaMaguya. wayokhonza kuNdaba inkosi yakwaZulu nalapho wafike waqala isizwe sakhe sakwaHlabisa.

Kwathi ngoba abaseMalangeni bengenankosi base bethanda ukubuswa ngudube wamaqadi ongazange abamukele ngoba esaba ukuthi ushaka uzomthukuthelela, base beya kunzombane emabomvini. kwathi ngokuhlushwa kwabantu bakwangcobo, umka thondolozi wakhetha ukuzithukusela yena ngokwakhe ingane yakhe umagawozi akwaziwanga lapho babalekela khona. Ngokungatholakali kwendodana kathondolozi kwabekwa ubhacela kadubo kathayi kaBhebhe ukuba abe yinkosi.

UMagawozi waqhamuka esemdala ehlikizeke ubuso, kuthiwa wathi esemncane elele nomama wakhe emva kokubaleka kwabo, kwangena impisi ilambile yambamba ubuso, yathi noma isiyethuswa kwatholakala ukuthi isiwudlile umlomo. kwathi noma eseqhamukile uMagawozi awuzange uthikamezeke umbuso kabhacela nendodana yakhe.

Ama Qadi

UNgothoma kwakunguMfowabo kaNyuswa endlini yeQadi yena uzale uNjila, yena wazala uSilwane. AMaqadi enabe aze afika eNanda kanti kukhona futhi amanye aMaQadi aseNcwadi ngaseRichmond.

Azalana kanjaloke amaqadi khona futhi lapha emaQadini siphinde sithole abantu bakwaDabeka noDube kodwake laba odube akubona laba abangonzakele kodwa baziwa kakhulu ngoMtima bangabakwaNgcobo abaganiselani noNgcobo laba. USilwane kaNjila kaNgothoma ngcobo wazala uMahluka noDabeka. uMahlukana yena wazala uBabane.

UDabeka yena wazala uDube no Mqhawe owazala uMandlakayise noLangalibalele Mandlakayise yena wazala undodembi owazala umzonjani. UMqhawe kaDabeka wabalekela esilungwini ngesikhathi sempi kaBhambatha. UMqhawe wayebusa KwaMaphumulo, Emngeni, Othukela, ENdwedwe, eNanda naseMpendle. UDube kaDabeka wayakhe egqalabeni, wayebusa amaqadi asuka eziqabeleni aya ngasentunjambili. uDube noshaka babezwana kakhulu.

UManqondo Magwaza noNomazocwana kasomsuka ngcobo (indodana yakhe ukaduphi wayebusa exobho nase-alexandra) babengamthandi udube, kwathi ngesikhathi sekubusa udingane badala ubutha phakathi kukadingane noDube okwenza ukuthi udingane aqothule amaqadi kaDube ngoMbasa 1838. umkhulu kalangalibalele john dube wabulawa ngaso lesisikhathi. lokhu kwaba lula kudingane ngoba wayevele ebazonda bonke abantu ababezwana noshaka. kulapho umahlukana kasilwane abaleka namanye amaqadi bayothi gozololo phakathi kwemifula umngeni nomdloti.

UMahlukana wayehamba nomqhawe, umfowabo kadube, owayesemncane ngalesosikhathi, ngakho-ke wafika wambambela ubukhosi waze waba mdala uMqhawe. Ngokugqabuka kwegoda (ngesikhathi umpande eguqukela umfowabo udingane) amaqadi abuswa nguMqhawe enanda. izwe likanomazocwana kasomsuka laphiwa uMpeyana kaManqondo Magwaza emva kwempi kaQethuka noMpeyana.umqhawe kadabeka ngcobo wazala uMandlakayise owazala undodembi owazala umzonjani.

Umqhawe kadabeka wabalekela esilungwini ebalekiswa ngubaba wakhe omncane uMahlukana ngesikhathi iNgonyama uDingane ehlasela amaqadi kaDube. Kwathi ngesikhathi umqhawe eseyinkosi wabeka umahlukana ngasebotha's hill ukuba abuse khona, ngempela waba yinkosi waze wakhothamela khona lapho. kwathi ngemva kokukhothama kwakhe indodana kamahlukana ubabane yaba yikholwa yayisithumela kumandlakayise kamqhawe owayebusa ngalesosikhathi ukuthi useyabuyeka ubukhosi. ngakho-ke bonke abantu ababebuswa nguye base bebuswa ngumandlakayise.

Izihlobo zakwaNgcobo

Dube (Mtima), Dabeka, Ngongoma, Shangase kanye nabanye!!

Izibongo ezidabuka kwaNgcobo

Hlabisa, Ngidi (Hlomuka), Woyisane (Nzama/Zama), Vilakazi, Nzimande, Jili nezinye esingakabi naso isiqiniseko sazo.

Izithakazelo zakwaNgcobo

Mapholoba
Nyuswa
Fuze, Mavela,
Mafuz'afulele njengefu lemvula,
Mashiya amahle ngath azoshumayela,
Dambuza, Mthabathe,
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela,
Malal'efake umunwe endunu,
Avuke ekuseni awuncinde akhombe ilanga,
Mavulankungu kuvel'ilanga,
Sididane
Ngongoma
MaQadi amakhulu
Mbili

Video Content

Video Production

For any of your functions, ceremonies, special occasions and events coverage; nayo yonke eminye imicimbi yenu eniba nayo ngokwahluka-hlukana kwayo, kindly contact us uma nifuna sibe khona kanye nani as the Ngcobo Empire crew.

We shall bring our state of the art video cameras & recording equipment to capture everything that will be happening during that day, and then publish it here on our dynamic website - for the rest of the world to see; including nalabo bantu noma abangani nezihlobo ezizobe zingakwazanga ukufika em'cimbini wenu ngenxa yezizathu ezahlukeneyo.....

To hire our video production team, send an Email to events@ngcoboempire.co.za for a quotation! 

Comments(80)

  1. Reply
    Mandla Ngcobo says

    sibonge ngomlando kodwa ngikhathazwa ukuthi akushiwo lutho ngezindlu zasekhohlo kukhulunywa ngezabelwa ubukhosi ekubeni uNgcobo waba namakhosikazi ayisishagalolunye 9 abangakhona basitholele zonke izindlu zikaNgcobo noma ngithi uVumezitha akazalanga amadodana amabili kuthiwani ngabanye

  2. Reply
    Nontobeko says

    Ngifisa ukwazi kwangcono ngokuqhubeka kukamndeni kaMshiywa.

  3. Reply
    Abongile Dangalazana says

    Abongile Dangalazana, isithakazelo Ngcobo from Eastern Cape, Lusikisiki

  4. Reply
    Mthandeni Ngcobo says

    Ngicela ukubuza ukuthi baqhamuka kanjani base Mangatini?

    • Reply
      Ngcobo Musa says

      Ngingajabula Uma uthola sithi share Ngcobo. AbaseMangatini bavela Ku Mngati. Kwehle kuyofika kuMphiphi kaNomaJuba. Mina ngiyindlu kaMkhovane

  5. Reply
    Aaron Mbili says

    ngiyabonga ngomlando

  6. Reply
    Phumzile says

    Ngyabonga ngomlando ngezwa nokuthi yini kuthiwa mashiya amahle angathi azoshumayela ….kungayiphutha ukuthi okhokho bokhokho bethu bayikhomba indlela yevangeli bese singakholwa umlando wethu ukubeka ngokusobala ukuthi abadala bakithi balimukela ivangeli pho thina singahlulwa yin

  7. Reply
    Phakamile Ngcobo says

    What does Ngcobo mean?

  8. Reply
    Phakamile Ngcobo says

    Ngiyabonga kakhulu ave unifundisile ngomlando wami ekade ngiwufuna.

  9. Reply
    Lndinkosi Maxwell Ngcobo says

    Ngibonge kakhulu kuma Qadi ngolwazi abasipha lona ngemvelaphi yethu thina sizwe sakwaNgcobo isandla sidlula ikhanda sizwe sika Baba.

  10. Reply
    Zamani Eugene Ngcobo says

    Ngibonge Ma Fuze ngokungi cobelela ngolwazi ebengingalwazi ..
    Sengiyazazi ukuthi ngiphuma kuphi futhi ngiwubani ..
    #Ngihlala e Hammarsdale phakathi kwe Camperdown ne Pinetown duze nase Malangeni . Okungijabulisa kakhulu ukwazi kanye nokuqondi ukuthi ngiphila emhlabeni wokhomkhulu.

  11. Reply
    Thandokwakhe Ngcobo says

    Ngiyabonga ukuzwa umlando wakwaNgcobo, simkhohlwa kanjani owazala uVumezitha, okuyena ukhokho wethu. UThondo

  12. Reply
    Noosing Raymond Ngcobo says

    Siyabonga boVumezitha Ngcobo. Ngifunde lukhulu namhlanje. Ngiyacella ukuthi Swazi kabanzi ngoBhelesi, Dlangwe Nombuya. Ikakhulukazi oNgcobo baseNyamvini. Kodwa ngijabule kakhulu. ILanga Lange 1957 lake layihlokoloza elokuthi safika kanjani eNyavini. Ongasiza ngingajabula kakhulu. Okokufundisa izingane zakwaNgcobo ngiyahambisana nakho.

  13. Reply
    Nhlaka Ngcobo says

    Asibonge mafuze amahle mabhala ngozipho 👍😂😅💃🙏🙏👍

  14. Reply
    Kgotso Tso Ngcobo says

    Mina mfana se’Gauteng sengizazi ka better nou

    Singiyabona futhi kungani ngithanda abafazi🙈

    Ngiyabonga

  15. Reply
    Sphesihle Ngcobo says

    Ngiyajabula ukwazi umlando wakithi, ngibona kunesidingo sokuwubhala ulando wetho & lokhu kuyolekelela isizukulwane.

  16. Reply
    pholani ngcobo says

    sibonga kakhulu ngcobo omkhulu usuwukhathulile umsebenzi bengifisa sixhumane singamaNgcobo sakhe i-Empire ngyawuthanda lomoya.

    • Reply
      Mondli ngcobo says

      Syabonga bofuze ngo Mlando nam sengo fundisa abatwana Nami

  17. Reply
    Nduduzo Ngcobo says

    Ngcobo fuze fulelela mashiyamahle ngathi azoshumayela ( mavumevitha )

  18. Reply
    Msizi says

    Wamnandi umlando syabonga manje oNgcobo Bhelesi bona baqhamuka kanjan

  19. Reply
    Sithabile Nombika says

    Sibonga kaKhulu ngomulando sazi ukuthi indlu kaNombika iphumaphi. sengicela incazelo ukuthi yini ndaba iningi labakwaNombika bazibiza ngo Ngongoma. into engiphatha kabi iningi loNgongoba ungathi alazi ukuthi bangabakwaNombika

  20. Reply
    Mlungisi Ngcobo says

    Ngicela ukubuza ukuthi omuphi loNgcobo okuthiwa wabaleka uShaka esuka eMvoti waya eMakkhuzeni nabantu bakwaChiliza ukuze kube khona oNgcobo, Bhelesi, Dlangwe?

  21. Reply
    Sya ngidi says

    Siyabonga kakhulu ngomlando wesizwe sakithi.sacela kubuza ukuthi uNgidi uqhamuka kanjani kuNgcobo n bagcina ngokuphelela kuphi ngokomlando wabo.and amadodana ka Ngidi ngobani amagama wabo ngokuzalana kwabo.
    Ngyabonga.

  22. Reply
    Sthembiso Nyuswa says

    Siyabonga kwabasihlanganisele lomlando umuhle kangaka.
    Mapholoba.

  23. Reply
    KG says

    Manje kufika nini Ku mndawonye no Bikwayo? Muhle umlando ngicela uqhubeke Uma usengaqhubeka sibonge boMashiy’ amahle

  24. Reply
    Ayaphambili says

    Siyabonga kulo obhala lomlando,ngoba singomafuze siyakwazi ukuzaz kangcon.Sithole nomland wethu ukuth sisukaph

  25. Reply
    Siyabonga Ngcobo says

    Kibo boNgcobo!!
    Zoze zivumezitha

  26. Reply
    Bonginkosi Ngcobo says

    Guys esibongweni sakwaNgcobo ungena kuphi uNkawu?

  27. Reply
    Nduduzo Ngcobo says

    Koda kunezingane esingazi ukuth zaphelelaphi..if uvumezitha wayenezinsizwa eziningi yindaba kukhulunywe ngo ngcobo nomkheshana kuphela koda bona izingane zabo ziyabalwa zonke ngokuzalwana kwazo nesizukulwane sakhona…ngokwami zibalulekile kakhulu ukuth sizazi ngoba zuwumsuka wesizukulwane sakangcobo

    • Reply
      Khaya nombika says

      Sengifisa nokwazi ukuthi Bafika kanjani Nombika endaweni yasoGwini

  28. Reply
    Mmeli Ngcobo says

    Wow finally I got to know where I come from…. Ngcobo Empire thank you.

  29. Reply
    Bhekumuzi Ngcobo says

    Ngithi angibonge ngingaphezi ukwaz ngemvelaphi yakithi koMapholoba,,Ukuthi uVumezitha nguyena oyinzala bantu yesizwe sakwaNgcobo ovela esizweni sakwaTembe lena eMaphutha/Maputo eMozambique,,Siyabonga kuwe Khokho wethu Vumezitha ngokusizalela uNgcobo noMkheshane esiyinzalo yakho ngenxa yabo,,mawume njalo umlando wakithi koMapholoba oyigugu elingaka

  30. Reply
    velile ngcobo says

    siyabonga mapholoba

  31. Reply
    Senamil'IsizweSamanyuswa Ngcobo says

    Syabonga Ngomlando Wase Khaya❤

  32. Reply
    AYANDA says

    NGIYABONGA KAKHULU NGALO MLANDO.MINA NGISE NANDA EMATIKWE BANTWANA BAKITHI.

  33. Reply
    siphomashiyamahle ngcobo says

    Ngibonga angiphele lomlando ubalulekile kakhulu,kuyanjabulisa ukwazi ukuthi sabasebukhosini ngukwegazi

  34. Reply
    Hamilton Ngidi says

    Siyazibongela

  35. Reply
    Buyi Ngcobo says

    Siyabonga kakhulu ngokusazisa ngemvelaphi yethu thina boMapholoba.

  36. Reply
    Dlala says

    Sizwa kuthiwa isibongo sisuselwa egameni lomnumzane Bese abeza ngemuva bezithakazela ngawo amagama okhokho babo.pho uDube wakwaNgcobo azithakazela ngaye uJL Unaphutha lini ngoba lo omunye uDube asazi uyNtaba ,uMfula noma isigameko esethize uma yena engasuselwa emagameni abanumzane njengazozonk izibongo .ake bachaze abakwaDube

  37. Reply
    Sandile Mawesheweshe says

    Kuyadingeka lomlando ubesemqulwini ukuze nesizukulwane siwuthole

  38. Reply
    Samkelisiwe Ngcobo says

    Syabonga ngomlando wakwa Ngcobo

  39. Reply
    Bonginkosi Bheki NGCOBO says

    Sisabonga namanje ngomlando wongcobo thina sikwaHlabisa ngokuzalwa asibazi kahleubukhosi bakithi

  40. Reply
    Abongile says

    Ngcube not Ncube ngu Mapholoba lowo, yiza ngapha ngase Mt Frere kwa Bhaca amanye AmaNgcobo uzakuwafumana apho kwilali yase Gobosi, aza evela ngase Zimbabwe ayebaleke ngexesha uShaka ebulala uNkosi qha ke apha e Eastern Cape ifani/surname azifani nezithakazelo zethu uza kufumana Oo Dangalazana,Mkhovana,Ngcube but bonke abo ngo Ngcobo. Siyabulela MaNgcobo amahle Pholoba Mashiya amahle ngalomlandu umnandi kangaka

    • Reply
      Abongile Dangalazana says

      Abanye ooNgcobo
      From Lusikisiki Buhlanyanga

  41. Reply
    Melusi Ngcobo says

    Omunye uNgcobo usenyavini ngasehlokozi bazibiza (ubhelezi). Besekuba khona abanye ongcobo abazibiza (uNyongwana) besekuba khona abakwaMbili

  42. Reply
    Seth Johannes Ngcobo says

    Thank u so much ukusazisa ngemvelaphi yethu singamaFuze kuyangithokozisa kakhulu.

    • Reply
      Skhumbuzo Gwacela says

      Izandla zidlula ikhanda ukuzwa umlando wasekhayo koMapholoba bakithi umlando omuhle noMkhulu kangaka siyabonga kuMkhulu woMkhulu, uMkhulu uVumezitha kubonga kubonga umzukulu wakho uSkhumbuzo Mbili, ngibonga nje ukuthola isbongo eskhulu sasekhaya

  43. Reply
    Nokwanda Ngcobo says

    Fuze!!!!!! Siyabonga!

  44. Reply
    Mazwendoda says

    Asibonge bafo anisize la zingane zakwethu lithini ihubo lakithi kaNgcobo

  45. Reply
    George says

    Kumele kwakhiwe isikhwama sethu sifundise abaswele sibe nama company ethu

  46. Reply
    Sphamandla says

    Ngokuba owakwa Ngcobo nje kukodwa lokho kusho isibusiso. Siyabonga MaNgcobo amakhulu.

  47. Reply
    Nontuthuko Ngcobo says

    Sizalwa ebukhosini??

  48. Reply
    Aaron Mbili says

    ngicela ongase angichazele ngoMbili noNgcobo

    • Reply
      Bheki says

      uMbili akaveli kuzalo nakumadodana akwaNgcobo. Kungabe kudalwa yini?? Ombili oShota kaMhlanga, oVeshe, Gqimlashe, nomaKhwela kandaba, noTshongela, Ngoyi, Gwacela……………….MBILI no NGCOBO abazalani. Ukuphilisana okwadala kahle okwadaka Kube khona ubuhlobo, AI ukuthi kuyazalwana…..

  49. Reply
    Phumeza ngcobo says

    Singayijabulela kakhulu I group yamapholoba amahle kufacebook

    • Reply
      Philani says

      Seconded Sisi

  50. Reply
    Nkanyiso Ngcobo says

    Sibonge ngenqopha mlando yomlando wethu oNgcobo
    Ubuchopho bodwa nje kwamnandi ukuzwa imvelaphi yethu
    Amen sisakholwake njalo

  51. Reply
    Thabo says

    Mina nginguFuzane waseZimbabwe ngicabanga ukuthi imvelaphi yami ifana lendlu yakwaNgcobo ngesikhathi yendaba yokubulawa kweNkosi yethu nguShaka ngicabanga abanye bahlangana lebutho likaMzilikazi…sawela eZimbabwe ngicela usizo kwabakwaFuzane

    • Reply
      Abongile says

      Mfowethu ungowasekhaya wena ungu Mapholoba uTatomkhulu weza e eastern cape waye balisa ngoba otatomkhulu babo babe balekele e Zimbabwe but mna ngoku ifani yam ngu Dangalazana but ndingu Ngcobo

  52. Reply
    Andiswa Ngcobo says

    Kwakuhle ukwazi konke lokho. Ngaze ngaziqhenya ukuba wakwaNgcobo.

  53. Reply
    Sphiwe Fuze says

    maFuze afulele…????✊?

  54. Reply
    mthembeni ngcobo says

    sihlobo yini no hadebe

    • Reply
      Lindokuhle Joy Ngcobo says

      Thank you very much for sharing the history of my lovely Clan yakwa Ngcobo please continue helping other’s

  55. Reply
    MUSA says

    Ayi minangcela ukwazi ukuthi pho buyovuka nini ubukhosi bukaMkhwantshi.na

  56. Reply
    Mbuso says

    Kengibuze njalo ukuba kungabe kune link phakathi kukaNgcobo no Ncube.

  57. Reply
    Siyabonga Sbusiso saMaFuze says

    Siyabonga siyanconcoza maFuze amahle Ngicela owaziyo angichazele ukuthi kwakwenzekani ngomunwe olala endunu

  58. Reply
    Pamella Nobuhle Ngcobo says

    OFuze madoda ☺☺

  59. Reply
    Xolani Joy Ngcobo says

    Ayikho into eyisibusiso njengokuba owakaNgcobo

  60. Reply
    Fuzekafuzengcobo says

    Ngaze ngajabula ngomlando wethu ,ngohlala ngiwufunda njalo kuze ngiwazi kahle – kofanele ngelinyi langa kube nosuku lwethu sonke ,kuhlanganwe .
    Ngiyabonga Mafuze !!!

    • Reply
      Mthokozisi Vum Vum says

      ngyalithanda lelo nami Nyuswa

  61. Reply
    Lethu says

    ngibonga ngiya nconcoza…!!

  62. Reply
    Bongie Ngcobo says

    Isandla sedlulikhanda Ngcobomkhulu syabonga ngokusazisa ngemvelaphi yethu

  63. Reply
    Nhlaka says

    Siyabonga Qadi elihle ngokusivezela umlando omuhle kanje ngathi Manyuswa

  64. Reply
    Zakhelinqanawe ngcobo says

    Akwekubenokuhlangana negroup ekhona:isizwe samafuze.

    • Reply
      OkaMashiyamahle Tdk says

      Where is that group?

      • Nduduzo says

        Sis wami kune group yaku Facebook ebizwa nge Ngcobo Clan. Sike sibe nama get together amane minyaka yonke. Cela sixhumane efonini, yokuvala unyaka nje izobe ise Mnambithi.

    • Reply
      Sfiso ngcobo says

      Yithi abantu

      • Phindile says

        Akujiki yithi abantu oFuze

    • Reply
      Sibusiso Ngcobo says

      Muhl’impela umlando wakithi koMapholoba…nginesfiso nje sokuthi kuqhubeke njalo ukulandisa igazi lethu ngemvelaphi yethu, ukukhuluma nje iqiniso ngiphalaze inyongo bengingazazi izimpande zakithi, Ngibonga kakhulu kubantu bakithi abanothando lokuveza indabuko nobunjalo bezibongo zethu nami ngithi awuqhubeke umsebenzi omuhle,ukwanda kwaliwa ngumthakathi!

      • Slindokuhle Fuzeh says

        isandl sedlul ikhand🙋🙋🙋🙋 Ngcobo kavumizitha

Post a comment to Kgotso Tso Ngcobo